Welcome to Premium Paper Help

premiumpaperhelp.com logo

Our Services

Get 15% Discount on your First Order

UMBUZO 1 1. Funda lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo yolimi: Kulesi sikhathi esiphila kuso, izingane ezingakhuliswa abazali bobabili ziningi

UMBUZO 1

1. Funda lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo yolimi:

Kulesi sikhathi esiphila kuso, izingane ezingakhuliswa abazali bobabili ziningi kakhulu. Kuke kwahlasela isifo sengculazi esithathe abazali, abantwana basala bekhuliswa ogogo nomkhulu. Kulesi simo uhulumeni wenza okusemandleni ukuthola imishanguzo yokunqanda lolu bhubhane, nangempela sehla isibalo sabantu ababulawa ingculazi. Isimo sasala singesihle kweminye imizi ngoba uma abazali bobabili sebeshonile, abantwana babephenduka izintandane.

Ukutholwa kwabantwana betholwa abazali abangashadile nakho kunawo umthelela ekwandeni kwabantwana abangakhuli ngaphansi kwesandla sabazali bobabili. Uma bebancane abazali bomntwana, kuyenzeka babuyela esikoleni bayofunda. Lowo mntwana abhekwe abantu abadala abangamalunga alowo mndeni. Ngesizathu sokuthi abazali bomntwana bamthole besebancane kuyenzeka bahlukane, lowo nalowo azitholele abanye azophila nabo. Ngaleyo ndlela umntwana ugcina esekhuliswa umzali oyedwa.

1.1. Tomula lezi zingcezu zenkulumo esiqeshini esingenhla:

a) isabizwana sokukhomba

b) isabizwana sokubala

c) isihlanganiso

d) ongumnini

e) undaweni/ isandiso sendawo

f) ibizo (12)

UMBUZO 2

2 Funda lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo yolimi:

Abasebenzi abaningi bakushayela ihlombe ukusebenzela ekhaya ngesikhathi izwe livalwa ngenxa yokhuvethe. Babejatshuliswa ikakhulukazi ukunyuka kukaphethioli ezweni okungeke kusabaphazamisa. Babona kungcono uma besebenzela emakhaya ngoba angeke besagcwalisa izimoto ngophethiloli masonto onke ukuze baye emsebenzini. Abesifazane abanabantwana bona bakushayele ihlombe kakhulu lokhu kusebenzela ekhaya ngoba bathi besemhlanganweni belalele kumakhalekhukhwini noma kukhompuyutha, bebe befaka izingubo emshinini wokuwasha, bebonda uphuthu esitofini, noma bewasha nezitsha. Abesifazane bavuka bageze ubuso kuphela, bese benza isidlo sasekuseni, bahlanze nendlu ngaphambi kokuqala umsebenzi wabo womqashi. Abesilisa bona bavuka bageze ongazi angathi baya emsebenzini kanti cha, badle isidlo sasekuseni bese behlala kumakhompuyutha benze umsebenzi wabo wosuku.

2.1 Tomula amabizo amahlanu bese ukhipha iziqalo zawo, uphinde ubhale nezigaba zawo zamabizo. (10)

2.2 Bhala igama elimqondophika naleli: babejatshuliswa (2)

2.4 Khetha amagama amahlanu abolekiwe esiqeshini esingenhla, uphinde ubhale nokuthi abolekwe kuluphi ulimi. (10)

/22/

16

UMBUZO 3

1. Ngabe kuyini ukuhlobana kwamagama? (2)

2. Chaza lezi zinhlobo zokuhlobana kwamagama ezilandelayo. Nikeza isibonelo esisodwa sohlobo nohlobo:

a) omqondophika

b) omabizwafane

c) ophimbohluka

d) omqondofana (16)

ISAMBA [50]

Share This Post

Email
WhatsApp
Facebook
Twitter
LinkedIn
Pinterest
Reddit

Order a Similar Paper and get 15% Discount on your First Order

Related Questions

How does Rupa Huq’s argument in “Rethinking Subculture” relate to Dick Hebdige’s understanding of subculture, as explained by Huq? Explain how Hebdige or

How does Rupa Huq’s argument in “Rethinking Subculture” relate to Dick Hebdige’s understanding of subculture, as explained by Huq? Explain how Hebdige or Huq’s understanding of style relates to how youth express identity and community today. Normal 0 false false false EN-US X-NONE X-NONE /* Style Definitions */ table.MsoNormalTable {mso-style-name:”Table

EVIDENCE-BASED PROJECT, PART 3: CRITICAL APPRAISAL OF RESEARCH Realtors rely on detailed property appraisals—conducted using appraisal tools—to

EVIDENCE-BASED PROJECT, PART 3: CRITICAL APPRAISAL OF RESEARCH Realtors rely on detailed property appraisals—conducted using appraisal tools—to assign market values to houses and other properties. These values are then presented to buyers and sellers to set prices and initiate offers. Research appraisal is not that different. The critical appraisal process

DISCUSSION    Transforming Nursing PEER RESPONSE  Transforming Nursing Read a selection of your colleagues’ responses

DISCUSSION    Transforming Nursing PEER RESPONSE  Transforming Nursing Read a selection of your colleagues’ responses and respond to two of your colleagues by expanding upon their responses or sharing additional or alternative perspectives.  · PEER #1 · Diane Rivero NURS 8210C- Week 10 Discussion Information technology is vital to healthcare systems and service delivery,